University of South Africa

Mayelana Wikipedia

University_of_south_africa_logo

Inyuvesi yaseNingizimu Afrika (ngamafuphi UNISA) iyinyuvesi yaseNingizimu Afrika. Le nyuvesi iphinde ibe ngenkulu kunawo wonke amanyuvesi e-Afrika.

Njengenyuvesi ephelele, i-Unisa inezinhlelo zemfundo yobunyoninco nezobungqondonkulu, iningi lazo eziqashelwa emazaweni omhlaba, futhi lenyuvesi iyaziwa ezindaweni eziningi, okuyizinto ezinika abafundi bayo iphunga elihle lokuba baqasheke emazweni amaningi.

Le nyuvesi yasungulwa ngonyaka we-1873 kwaba iNyuvesi yeKapa lodumo[1] (University of the Cape of Good Hope), ngalesi sikhathi emlandweni kwakuyisikhungo sokuhlola senyuvesi yase-Oxford neNyuvesi yase-Cambridge, futhi kwakuyisifukameli okwachamuselwa kuso wonke amanye amanyuvesi aseNingizimu Afrika. Umthetho wangowe-1916 wasungula iNyuvesi yaseNingizimu Afrika ezihlelelekayo (lowo mthetho waphinde wasungula iNyuvesi yase-Stellenbosch neNyuvesi yaseKapa njengazihlelelekayo) njengesikhungu esongamele esizinze ePitoli, okwayinika iqhaza lokubhekelela izindaba zakwangqondonkulu phezu kwamanye amakolishi ambalwa nawo agcina sekungamanyivesi azihlelelekayo.[2] Amakolishi ayenganyelwe i-UNISA ahlanganisa i-Grey University College (Bloemfontein), i-Huguenot University College (Wellington), i-Natal University College (Pietermaritzburg), i-Rhodes University College (Grahamstown), i-Transvaal University College (Pretoria), i-South African School of Mines and Technology (Johannesburg), kanye ne-Potchefstroom University College.[3] Ngowe-1959, emva kokushaywa komthetho woKwandisa iMfundo yaseNyuvesi, ukwengamela kwe-UNISA kwajijwa ukuze kumboze "amanyuvesi wabansundu", okuyinyuvesi yakwaZulu, inyuvesi yaseNtshona Kapa, inyuvesi yaseNyakatho, inyuvesi yase-Durban-Westville kanye neNyuvesi yase-Fort Hare.[4] Ngowe-1946, i-UNISA yanikwa umsebenzi omusha wokuba inyuvesi yemfundo yomgamu, futhi namuhla inikezela ngezifundo zezifakazelo zakwangqondonkulu, neziqu zakwangqondonkulu.[5] kuze kube sezingeni lobungcithabuchopho.

KuJanuwari wezi-2004, i-Unisa yahlanganiswa ne-Technikon Southern Africa (Technikon SA) futhi kwafakwa nesigcoyi semfundo yomgamu senyuvesi iVista. Umphumela kwaba isikhungu esanikwa igama elithi inyuvesi yaseNingizimu Afrika. Namuhla lenyuvesi seyihlelwe ngokwamakolishi nezikole.

INyuvesi ngokwayo[hlela | Hlela umthombo]

Izakhiwo zenyuvesi ePitoli

Indawo[hlela | Hlela umthombo]

Izakhiwo ze-Unisa ezisePitoli ziyisithabathaba esibukwayo esiqongweni.

Uhla lwabantu abafunde e-Unisa[hlela | Hlela umthombo]


Bheka futhi[hlela | Hlela umthombo]

  1. https://www.unisa.ac.za/sites/corporate/default/Unisa-History-and-Memory-Project/Themes/All-themes/A-brief-history-of-Unisa
  2. Welsh, David (1975). "Universities and Society in South Africa: An Historical Perspective (The Van Wyk de Vries Commission on Universities: Critical Comments)". Philosophical Papers 4 (1): 22. doi:10.1080/05568647509506448. 
  3. Welsh, David (1975). "Universities and Society in South Africa: An Historical Perspective". Philosophical Papers 4 (1): 22. doi:10.1080/05568647509506448. 
  4. Moulder, James (1975). "Academic Freedom and the Extension of University Education Act". Philosophical Papers 4 (1): 65. doi:10.1080/05568647509506451. 
  5. "Unisa Short Courses". Mansa Digital. 17 November 2019. Archived from the original on 17 November 2019. Kulandwe ngomhlaka 17 November 2019. Unknown parameter |url-status= ignored (help)